Uvemvane

Uvemvane yisinambuzane esinamaphiko amabili anemibala ehlukahlukene futhi siyakwazi ukundiza. Siqala ukuphila njengeqanda, sibe isibungu, bese siba isiphungumangathi ngaphambili kokuphenduka uvemvane olukhulile. Lolu shintsho lubizwa ngokuthi ukuguquka okuphelele.[1]
Uvemvane ludla umpe wezimbali lusebenzisa ulimi lwalo olude. Ezinye izinhlobo ziphinde ziphuze amanzi noma ujusi wezithelo ezivuthiwe. Izibungu zovemvane zona zidla amaqabunga ezitshalo ukuze zikhule zibe namandla.[2]
Uvemvane luzalana ngokubeka amaqanda emaqabungeni ezitshalo. Amaqanda achamusela abe izibungu, ezikhulu zibe iziphungumangathi bese ziphenduka izimvemvane ezindizayo. Izimvemvane zitholakala emazweni amaningi emhlabeni wonke, kuhlanganisa neNingizimu Africa, futhi zihlala ezindaweni ezinezimbali nezitshalo eziningi.[3]
- ↑ "Frequently Asked Questions". Discover Butterflies & Moths (in i-English). Kulandwe ngomhlaka 2026-08-05.
- ↑ "What do butterflies eat?". Nature Museum (in i-English). Kulandwe ngomhlaka 2026-08-05.
- ↑ "Butterfly Life Cycle". For Educators (in i-English). Kulandwe ngomhlaka 2026-08-05.